Lisenkingeni iphoyisa elibonakale lishaya umuntu kwi video esabalele ezinkundleni zokuxhuma njengoba sekungenelele nokhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natal uMnu. Nhlanhla Mkhwanazi
Ukhomishana wamaphoyisa aKwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi useyalele ukuthi kwenziwe uphenyo olunzulu ngokuphazima kweso kulandela ivideo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa iphoyisa lishaya umuntu eThekwini.
Kule video leliphoyisa libonakala lishaya liphindelela umuntu ePhoyinti eThekwini obukeka engenabungozi kulona.
Kanti iphinde itshengise nelinye iphoyisa lizama ukukhuza uzakwabo.
U Mkhwanazi uthi akekho umuntu ongaphezu komthetho ngisho namaphoyisa imbala.
Oyisikhulumi samaphoyisa ase KZN uRobert Netsiunda uthi ngeke bakuvumele ukuthi umsebenzi omuhle kangaka abawenzayo udicilelwe phansi ngamazambane ambalwa nje abolile kulombutho wamaphoyisa.


