Amaphoyisa asesikhungweni samaphoyisa eBloemspruit acela umphakathi ukuthi ulekelele ekuthungatheni umsolwa ngecala lokubulala ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane oneminyaka engu-39 ubudala esitholakale emgodini sinqunu.
Amaphoyisa asesikhungweni samaphoyisa eBloemspruit acela umphakathi ukuthi ulekelele ekuthungatheni umsolwa ngecala lokubulala ngemuva kwesidumbu sowesifazane oneminyaka engu-39 ubudala esitholakale emgodini ocishe ushiswe utshani.
NgoMsombuluko, 11 November 2024, ngabo-08:29, amaphoyisa aseBloemspruit abizelwe endaweni yesigameko sokubulala emgwaqeni u-R702, ngasePhomolong, eBloemspruit.
Ngesikhathi ifika isidumbu sowesifazane sinqunu sitholwe sidindilizile emseleni eduze komgwaqo. Izingubo zakhe zazibekwe eduze nomzimba wakhe. Umufi ubenenxeba lokugwazwa entanyeni kanti abe-EMS kuthiwa ushonile.
Ube esehlonzwa wumndeni wakhe ngokuthi nguKhoele Rosa Motselisi. Ithuluzi elisetshenziswe ekwenzeni lobu bugebengu lizoba yingxenye yophenyo.
Akekho osaboshiwe.
Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni komsolwa ukuba athinte umphenyi wecala uLieutenant Colonel Lekhaoli Thito ku-082 526 2691.
Mayelana nemibuzo okanye imininingwan eyengeziwe xhumana no:
Sayitsheni Sinah Mpakane
082 525 2885
