Izindaba

Kudutshulwe kwabulawa umuntu wesifazane esalinde itekisi estobhini eMnambithi namhlanje ekuseni.

Kudutshulwe kwabulawa owesifazane eme esitobhini endaweni yaseMbuzweni eMnambithi

Usathuthumela umphakathi wasendaweni yaseMbuzweni eMnambithi ngesigameko sokudutshulwa kubulawe owesifazane namuhla ekuseni kulendawo.

Ngokwemibiko yabazibonele, kuthi lona wesifazane ubeme esitobhini okusolakala ukuthi ubelinde izimoto zokuhamba ngesikhathi kuqhamuka umlisa okusolakala ukuthi bayizihlobo naye maqede wavulela ngenhlamvu ebhekise kulona wesifazane. Abazizwele bathi isibhamu siqhume kwaze kwaba kahlanu washonela khona lapho owesifazane

Ayikaziwa imbangela yokubulawa kwakhe kodwa kusolakala ingxabano yomndeni. Amaphoyisa afikile endaweni yesigameko athola ukuthi umsolwa usehambile amaphoyisa asezithendeni zakhe kumanje.

Umthombo: UThukela News Times

Error