Bakhiphe umculo omusha abaculi base Newcastle abazakhela udumo ngengoma yabo ethi iza mawala
Abaculi abangaphansi kwesitebele sika NGOZI SA wodumo lwengoma iDlala Ngama Shishi esibizwa nge CIEYAHTAINMENT uDJ THOBS no PUNKY SA badedele izingoma ezimbili ezintsha ngomhlaka 5 November. Lamaciko athi ahlele ukukhombisa uMzansi Afrika ukuthi abagcini ngokucula umculo wamapiano kuphela kepha bayakhona ukwenza nolunye uhlelo lomculo esingabala kuwe i-Afro House,Amapiano,Afro-pop kanye ne 3 step ukuwuhlobo lomculo omusha ongenisile eMzansi njengoba ukhonya ezindaweni eziningi.
Ingoma ehamba phambili kulezingoma abazikhiphile kulokhu kugqame ingoma enesihloko esithi SES’SHONA KHONA okuyingoma yobumnandi abanethemba lokuthi abantu bazoyithokozela njengoba sibheke ku Zibandlela okuyinyanga lapho kudlalwa kakhulu lohlobo lomculo wokudansa. enye yezingoma ezikhona kulamacwecwe abo amabili abawakhiphile inesihloko esithi UMBUZO nayo abanethemba lokuthi abathandi bomculo wabo bazoyithokozela
Lamaciko athi angakuthokozela ukuthola ukuxhaswa ngabathandi bomculo ngokuthi ba download noma balalele izingoma zabo esezitholakala kuzo zonke izitolo zomculo ngohlobo lwe inthanethi.
cofoza lesthombe esingezansi ukuze uthole umculo wabo manje.




