Izindaba

Ziyanda izigameko zokugula kwezingane ezikoleni ngenxa yokudla ukudla okuthengiswa ezikoleni okungekho esimweni esihle sokuthi kungadliwa

Kugule izingane esikoleni ngemva kokudla amaswidi eziwathenga komama abadayisayo esikoleni sase Glencoe, KZN
Kugule izingane zase Amakhemfundo Primary School eSithembile Glencoe kuleli viki ngemva kokudla amaswidi ezaziwathenge komama abadayisa ocingweni lesikole nokusolakala ukuthi anobuthi. Umama wezingane ezintathu ekade zigula uveze ukuthi izingane zakhe zadla ushokoledi obizwa ngelongest zase zigula emva kwalokho.
Kwenzeka lesehlakalo nje sekuyinsakavukela ezikoleni ukuthi izingane zithenge ukudla okunobuthi bese ziyagula.
Error