Izindaba

Kugqame eyezinselela ababhekene nazo abafushane kwi Seminar ebibanjele eRest Guest Lodge eNewcastle

Bakhulume ngezinselelo ababhekene nazo abafushane kwi Seminar ebise Newcastle.
Bebephume ngobuningi abafushane abaziwa ngama dwarf ngelesilungu ngenkathi bene seminar eRest Lounge ese Pioneer Park eNewcastle izolo mhlaka 07 November nebihlelwe yinhlangano engenzi nzuzo eyaziwa nge I-Matter Foundation.
Okucace bha ukuthi abantu abafushane nabo bayibantu futhi nanezidingo njengawo wonke umuntu ophilayo. Exoxa nabo uHlengiwe Mncube wakwa Social Development mayelana nezocansi baveze ukuthi bayathuka mangabe beya emtholampilo bese unesi abuze ukuthi walala ngempela nanenza kanjani?
Bakhale ngokuthi imibuzo enjalo abayilindele kubantu abasebenza ngezempilo, okunye okuvelile ukuthi ziningi izinselelo ababhekana nazo mabekhula ikakhulukazi ezikoleni njengoba abanye abantwana baye bahlekise ngabo nokuyinto abangayithandi.
Yize kunjalo kukhuthazwe abazali ukuthi bafundise izingane ezinalesifo ukuthi zizithande. Kubuye kwakhulunywa ngezemisebenzi njengoba nakhona bebhekana nezinkinga, uHlengiwe Mncube ukhuthaze labo abasebenzayo ukuthi bazimisele bangasebenzisi isimo sabo ukuze badatshukelwe ngoba lokho kulimamza nabasuke bengakaqashwa. Kubuye kwakhuthazwa abafushane ukuthi bangabi nenhliziyo encane ekhaya baze bagcine sebehlukumeza labo abathanda a nabo kanti nomthetho ukhuthazwe ukuthi udlale indima yabo mabonile, bangenzelelwa ngoba kuthiwa bafushane.
Esegoda uNomasonto Motsitsi ongumphathi wakwa I-Matter Foundation ubonge bonke abaphumele kulolu suku ukuze lube yimpumelelo waveza ukuthi bayafisa ngelinye ilanga ukuthi bameme nezinye izifundazwe zize eNewcastle zizothamela le seminar. Uphinde wabonga nabaxhasi okubalwa kubo iRest Lounge ngokubanika indawo, ubonge abakwa IEC no Social Development ngokuba yingxenye yosuku kanye no Woolworths Amajuba Mall ngokubaxhasa ngezimbali neziphuzo.
Umthombo nezithombe:LITRADIO ZA (FACEBOOK)
Error