Izindaba

Kudutshulwe umakhi wezindlu kwalimala nomsisi wakhe behlaselwa umlisa ongaziwa.

Kudutshulwe umakhi wafa kwase kulimala obemsiza ngenkathi kufika indoda ibadubula Cornubia izolo.
Uphelele emzini ekade ematasa kuwo enweba indlu yakhona umakhi izolo endaweni yase Cornubia eThekwini. Ngokombiko kufike indoda engaziwa yaxosha izingane ezintathu ezineminyaka ephakathi kuka 10, 13 no 15 yathi aziyodlala kude ngaphambi kokuba izidubule.
Izingane zibe seziqhela wase ekhipha isibhamu wadubula umakhi kabili esiphundu, ube eseqhubeka edubula lendoda esiza umakhi emqolo ngenhlanhla yona ikwazile ukusinda njengoba iphuthunyiswe esibhedlela khona izolo emveni kwesigameko.
Umakhi kanye nomsizi wakhe kubikwa ukuthi bahlala khona endaweni yase Cornubia kanti izingane zona azange zilimale.
Error