KUBOSHWE UBHUTI NOSISI NGECALA LOKUBULALA INGANE EBINOSUKU OLULODWA IZELWE
KUBOSHWE UBHUTI NOSISI NGECALA LOKUBULALA INGANE EBINOSUKU OLULODWA IZELWE eMankweng, Polokwane.
Kubikwa ukuthi kuboshwe owesifazane oneminyaka engamashumi amabili nesithupha (26) kanye nomfowabo oneminyaka engamashumi amane nantathu (43) kulandela ukuthi kugwazwe kwabulawa ingane enosuku olulodwa izelwe eLasteehoop, Ga-Malatji base beyingcwaba ethuneni elingashoni kakhulu ngomhlaka 06 November 2024 ngezithuba zo 15h30.

Okwamanje akukacaci ukuthi yini eholele ekutheni benze lobulwane.


