Useqalile ukuziqeqesha neqembu uShaune Mogaila owadedelwa nge bheyili yezinkulungwane ezingamashumi amabili amarandi ngokudala ingozi eyadlula nomphefumulo owowdwa kwalimala oyedwa.
Ngokomthombi oSoccer laduma kuthiwa lensizwa eneminyaka engu-29 uShaune Mogaila useqalile ukuziqeqesha neqembu iSekhukhune United. Kuzokhumbuleka ukuthi ngeviki eledulule ngolwesithathu wavela enkantolo lapho kwalalelwa khona isicelo sakhe sokukhishwa ngebheyili esagcine siphasile wadedelwa ngemali engango R20 000.
Ibheyili yalomdlali azange ibe nemibandela nemigomo engamvimba ukuthi aqhubeke nokudlala ibhola njengomba esenqume ukubuyela enkundleni. Iqembu lakhe iSekhukhune United lakhipha isimemezelo ngeviki eledlule lidududa imindeni ethintekile lafisela nosesibhedlela ukululama okuphuthumayo lase liveza ukuthi angeke lisanda ngomlomo njengoba udaba selusezinkantolo yingakho lingasakuvezanga ukuthi uShaune Mogaila usebuyele ekuziqeqesheni neqembu



