ISANTACO ithi abanikazi bezimoto ezincane abavumelekile ukulayisha abagibeli ngakho basazoqhubeka nokudiliza abantu noma bahlawulise umshayeli ogibeze abantu.
Ngokusho kwenhlangano yamatekisi, iSANTACO, abanikazi bezimoto abavumelekile ukuthi bagibeze abagibeli, noma ngabe kuyilungu lomndeni.
Bathi kuwumsebenzi wabo njengabashayeli bamatekisi ukuthatha noma yimuphi umgibeli ngoba benezimvume zokuthutha abagibeli.
Uma abagadi bamatekisi bekuthola ugibelisa umgibeli, bazohlawulisa u-R2500 noma babophe imoto yakho njengoba ungenayo imvume yokuthutha abagibeli.


