Ishe Yanqonqa ibhasi ebihambisa iziguli ezingu 52 yaso Thukela Medical Rescue eyaziwa nge Planned Patient Transport (PTT)
IZIGULI AZILIMALANGA NGEMUVA KOKUTHI I PPT BUS IVUTHA AMALANGABI ISHA.
I KwaZulu Natal Department of health ithanda ukwazisa umphakathi ukuthi elinye lamabhasi ayo i Planned Patient Transport (PPT) buses yaso Thukela Emergency Medical Rescue base ishe yangqongqa izolo kungu Msombuluko budebuduze ne Cedara ngesikhathi ihambisa iziguli ezingu 52. Ngenhlanhla azikho iziguli ezilimalile okanye izishile kulengozi.
Emva kwalengozi, zonke iziguli zihlengiwe zadluliselwa esibhedlela sase Grey’s kumkhandlu wase Mgungundlovu kusetshenziswa amabhasi amathathu alayisha abantu abangu 22.
Umnyango wengeze amanye amabhasi okukhona kuwo elilayisha abantu abangu 22 kanye nelilayisha abangu 35 kwi PPT bhasi eliya Othukela nase Mgungundlovu EMS buses ukwenza isiqiniseko sokuthi bafika bephephile lapho ebebeya khona.
Ngezithuba zasebusuku zonke iziguli zibuyiselwe ziphephile abasebenzi base EMS e Estcourt, Ladysmith, Dundee kanye nase Vryheid.
Imbangela yalengozi isaphenywa ngaphakathi ngumnyango. Bathanda ukwazisa umphakathi ukuthi bayaziqhelelanisa nalengozi, ama EMS PPT buses abo angamabhasi aphephile ashayelwe ngabashayeli abaqeqeshiwe.
Ikhishwe yi KwaZulu Natal Department of Health
Mayelana neminye imininingwane:
Nathi Olifant
Agiza Hlongwane



