Izindaba

Abasolwa abane ababefuneka mayelana nokubulala osomatekisi badutshulwe balimala eMooi River

abasolwa abane (4) abebefunakala mayelana nokubulala ematekisi badutshulwe balimala emotweni ebigijima ngesivinini esiphezulu bedubulana namaphoyisa e Mooi River izolo kungu Msombuluko ntambama zingu 4 November 2024.
Amaphoyisa enze uphenyo ngemuva kokuthi bethole umbiko othi abasolwa bakhona endaweni yase Mooi River. Amaphoyisa abe esezama ukubamisa kwi moto abebehamba ngayo ku N3 kepha umshayeli wazama ukubaleka wangena ngomgwaqo u Hidcote turn-of ojoyina u R103 uma ubheka ngase Estcourt. Ngesikhathi kujwahwana, abasolwa babe sebeqala bedubula bebhekise emaphoyiseni, amaphoyisa abe esedubula nawo, abasolwa abane abebephakathi kulemoto babe sebedubuleka balimala. Kutholakale izibhamu ezimbili ezincane, esinye esikhulu, 9mm kanye nezinhlamvu. Umsolwa oyedwa one minyaka engu 40 ubudala ubefunelwa icala lokudubula usihlalo wamatekisi kanye nesekela lakhe e Bergville taxi rank bobabili badutshulwa ngo February no June ngokwehlukana. Izibhamu ezitholiwe zizobe seziyohlolwa ukuthi azimataniswa yin nobunye ubugebengu.
Umthombo :Nqubeko Community Radio Station 100.5FM
izithombe :
Error