Idlulile emhlabeni inkakha yezomculo yaseMelika uQuincy Jones
Akasekho emhlabeni uQuincy Jones ongu projusa no mbhali wezingoma wase Melika.
uJones oyinkakha yomculo wake wasebenza no Michael Jackson kanye no Ray Charles ushone eseneminyaka engu 91 ubudala. Izindaba zokushona kuka Jones ziqinisekiswe umndeni wakhe oveze ukuthi ushone izolo ngeSonto ebusuku kanti bekade enomndeni wakhe ngenkathi edlula emhlabeni.
Umndeni uveze ukuthi uphatheke kabuhlungu ngokudlula kwalenkakha kodwa uzomkhumbula ngamagalelo akhe.
Sengathi angaphumula ngokuthula


