Usuzoba negama elisha umaspala wase Mzinyathi njengoba usuzobizwa nge Prince Mangosuthu District
Kuqopheke umlando uMasipala wesifunda uMzinyathi usayina isivumelwano sokuthi uMasipala uMzinyathi ushintshe igama ungabe usabizwa ngoMzinyathi kodwa ubizwe ngokuthi iPrince Mangosuthu District Municipality.Le ngqophamlando yenzeke KwaPhindangene, oLundi izolo lapho izikhulu zikaMasipala amakhansela namakhosi ziphume ngobuningi kuzosekwa lombono.
IsiFunda uMzinyathi waqala lezi zingxoxo zokushintshwa igama loMzinyathi ngonyaka wezi-2020 kodwa ukuqhutshwa kwalezi zingxoxo kwaphazamiseka ngenxa yokubheduka kokhuvethe.UMntwana waKwaPhindangene okhothame nyakenye, wakhothama sezifikile kuye lezi zindaba.
Inkosi yaKwaButhelezi uZuzifa Buthelezi uthe bewumndeni bayavuma ukuba uMzinyathi ungaqhubeka nalezi zinhlelo.
“Sithobeke kakhulu ukuba beze lapha ekhaya siluxoxe udaba yize sebake bayithumela incwadi phambilini. Yize siye sakuveza kubona ukuthi uMntwana wayengayithandisisi into yokuthi ahlonishwe ngenxa yepolitiki abanye belwisana nalokhu kanti phela abantu bebemhlonipha ngokweqiniso bebona imisebenzi yakhe. I-Mangosuthu University of Technology (MUT) yakwenza lokho kwaqanjwa neminye yemigwaqo ngaye. Bekusanda kufika abanye nje lapha ekhaya beqembu lezithuthuthu befisa ukubiza iqembu labo ngoMtwana,” kubeka iNkosi.
IMeya yaseMzinyathi uMnu Petros Ngubane uthe uMntwana kuningi akwenzele isizwe, kanye nesiFunda uMzinyathi.
“Sibe sesihlala siyi-council yoMzinyathi savumelana ngazwi linye ukuba kumele uMntwana simhloniphe ngalendlela. Sijabulile siswele imilomo yokubonga emndenini kusuka manje siyaqhubeka nezinhlelo silandela yonke imigudu efanele. UMntwana imisebenzi yakhe iyomhlala imlandela noma esesithele kuthina, eMzinyathi kakukho abengasiseki uma sikwenza sivula amanzi ubebakhona, kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon eba khona yonke iminyaka esiseka. Ukumhlonipha yinto ekade sasiyifisile siyabonga ukuthi umndeni namhlanje uthi masiqhubeke wenziwe lo msebenzi,” kusho iMeya uNgubane.


