Izindaba

Udedelwe nge bheyili yezinkulungwane ezingamashumi amabili (R20 000) uShaune Mogaila odlalela iSkhukhune United owadala ingozi eyadlula nomphefumulo owodwa kwalimala noyedwa.

Udedelwe ngebheyili yezinkulungwane ezingamashumi amabili umdlali we Sekhukhne United uShaune Mogaila owadala ingozi yemoto eyadlula nomphefumulo womuntu oyedwa kanye noyedwa elwela impilo yakhe esibhedlela.

Ngokomthombo lomdlali oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye (29) uvele ngolwesihlanu eThembisa Magistrate Court ukuzofaka isicelo sebheyili. Lomdlali wethweswe amacala amathathu elekubaleka esigamekweni lapho kwenzeke khona ingozi kube elokubulala ngokungenhloso nelokushayela budedengu.

Eminye imithombo iveze ukuthi ummeli walomdlali u-Octavius Magunda ukhale ngokuthi okwamanje angakwazi ukukhokhela ibheyili yezinkulungwane ezinhlanu kuphela (R5000) ngenxa yokuthi uhola izinkulungwane ezingamashumi amane (R40 000) ngenyanga futhi kunjalo ukhokhela imoto yohlobo lwe BMW izinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu amahlanu ngenyanga (R8 500) kanye ne bhondi yomuzi ebiza izinkulungwane ezilishumi nantathu (R13 000) ngenyanga aphinde ondle umndeni kuleyomali.

Isicelo sommeli ka Shaune Mogaile sokudedelwa ngebheyili sigcine siphumele ngolwesihlanu mhlaka 1 ku November 2024 kanti uphenyo ngecala lakhe lusaqhubeka uzobuye avele enkantolo mhlaka 4 ku Nhlolanja (4 February 2025) kanti isicelo sakhe sebheyili kasinayo imibandela okuchaza ukuthi lomdlali usengaqhubeka nokudlala ibhola esalinde ukuqulwa kwecala lakhe.

Error