Izindaba

Badedelwe ngebheyili abasolwa abayishumi nane (14) abasolwa ngokukhwabanisa u-R157m wakwaNedbank

Abesilisa nabesifazane abangu-14 abasolwa ngokukhwabanisa imali engu-R157-million bathole ibheyili yemali ehlukene. Kukholakala ukuthi leli qembu elingekho emthethweni livele kuma-akhawunti asebhange elikhulu iNedbank. UNicolette de Villiers kuthiwa nguyena ungqondongqondo kuleli tulo elidle izigidi zamarandi.

Njengomphenyi wezobunhloli kwaNedbank, uDe Villiers kusolwa ukuthi wagunyaza ukuhanjiswa kwemali ema-akhawuntini asolwayo esikhungweni sezimali iye kuma-akhawunti abangani nezinkampani zamabhizinisi. Ngesikhathi kufakwa isicelo sebheyili kwavela ukuthi, phezu kwesikhundla sakhe esikhethekile, uDe Villiers unesitifiketi sikamatikuletsheni kuphela.

Umsolwa oneminyaka engu-37 ubudala uphinde wangena ebhizinisini nomunye owayesebenzela iNedbank, uKeitumetse Mathimbi. Lobo budlelwano buholele u-R90 million kuMathimbi. Inkampani kaMathimbi yaboleka abantu imali, isebenzisa i-akhawunti yakwaNedbank yomunye ummangalelwa,uPriscilla Segametsi Songwane ukususa izinkokhelo. icala lizoqhubeka ngo January ngonyaka ozayo

Error