Izindaba

Ugcine eboshiwe owesilisa 29 ngemuva kwezinsolo zokubulala indodana yakhe ngoba imanzisa umbhede

Owesilisa oneminyaka engama-29 ubudala uboshiwe wathweswa icala lokubulala ngemuva kwezinsolo zokubulala indodana yakhe angayizali eneminyaka emithathu ngenxa yokuchama embhedeni. UJeremy Bosman kusolwa ukuthi ushaye uCharvandre Kieran Everson ephindelela ngomshanelo, wamshaya ngekhanda odongeni, kwesinye isigameko wamshaya waze wangakwazi ukulawula ukusebenza komzimba wakhe ngenxa yokuthi ubemanzise umbhede wakhe.

UJeremy Bosman uboshwe nje abasebenzi bezempilo bebone inqwaba yamanxeba emzimbeni wengane base bebikela amaphoyisa. Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) eNorthern Cape uMojalefa Senokoatsane uthe uBosman usanda kuboshwa kanti kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili ngoLwesihlanu. Uthe izinsolo zithi ngomhlaka 19 Okthoba, uBosman wathola ukuthi uChavandre uzichamele embhedeni wamshaya.

“Kusolakala ukuthi uBosman ube nodlame eshaya ingane ekhanda ngezandla ephindelela. Kusolwa ukuthi usebenzise umshanelo ukushaya umfana maqede wamshaya ngekhanda odongeni. “Ubufakazi bofakazi kanye nophenyo lokuqala luveze ukuthi lezi zenzo zishiye ingane ingakwazi ukudla noma ukuvula umlomo ngendlela,” kusho uSeokoatsane. Ngemuva kwaleso sigameko, uChavandre wamanzisa umbhede wakhe futhi, okwaholela ekutheni uBosman amshaye futhi okusolakala ukuthi udale imihuzuko ebulalayo.

“UJeremy Bosman uphinde washaya uCharvandre okwaholela ekutheni kubonakale igazi emlonyeni wengane futhi wahluleka ukulawula ukusebenza kwayo komzimba. “Imibiko iveza ukuthi ingane isale ibuthaka futhi ingakwazi nokunyakazisa imilenze. Ngokubona ubunzima besenzo sakhe, uBosman kubikwa ukuthi uyalele unina wengane ukuthi angadaluli lutho ngalezi zigameko wabe eseyisa ingane elimele esibhedlela esisha iDe Aar.

“Ngeshwa, ngesikhathi befika, abezempilo bathola ukuthi uCharvandre wayeseshonile ekulimaleni kwakhe,” kusho uSeokoatsane. Nokho abasebenzi basesibhedlela babone imihuzuko eminingi emzimbeni wengane, ikakhulukazi emhlane, okuholele ekutheni bathinte amaphoyisa. USenokoatsane uthe ngemuva kophenyo, amaphoyisa abophe uBosman amthwesa icala lokubulala nelokushaya kanzima unina wengane.

Uthe uJeremy Bosman uzogqunywa esitokisini aze avele enkantolo ngoNovemba 1, nalapho kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili ngokusemthethweni. “Kodwa-ke, abashushisi bahlose ukusiphikisa ibheyili kulesi sicelo sebheyili sikaSheduli 6, baveze ubucayi bamacala,” esho. USenokoatsane uthe ithimba labashushisi liyaqhubeka nophenyo ngalolu daba, futhi lizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi kwenziwa ubulungiswa “kuleli cala elibi elibandakanya udlame lwasekhaya kanye nokuhlukunyezwa kwezingane”

Umthombo: www.ezendawo.co.za

Error