Izindaba

Kusolwa ushevu ngokufa kwezingane okwabikwa ukuthi zabulawa ukudla ezikuthenge espaza sabokufika

Umuthi obulala izinambuzane emasimini osewavalwa ezweni, yiwo obulale izingane.
Imibiko yamaphoyisa ngokufa kwezingane eziwu 11 zaseNaledi eSoweto Gauteng ukhomba uphoyizeni oyingozi obulala amaphela nezinye izinambuzane. Umuthi ovikela kakhulu izitshalo, useqoqweni lemithi ebizwa carbamates. Lo muthi wavalwa eSouth Africa ngenxa yobungozi kumuntu. Uze wabhalwa ukuthi “you will not see the sunset.” Ngeke lishone uphila. Lo muthi abanikazi bezitolo bafutha ngawo bexosha lezi lwanyana. Bese unamathela ekudleni lapho-ke kawudabuli.
Ngenkathi kuphenywa lezi tolo itholakele lento. Nasemakhaya bayakusebenzisa abantu bathi yikho okushaya khona. Lo muthi uma uwufutha la kuhlala khona ukudla uhamba uyonamathela kukho. Uma uke wadla kawupheli u 20 minutes uyahamba. So kungenzeka ukuthi ugade izitolo kanti nawe uyakusebenzisa ekhaya bhasobha kobhubha umndeni. Kusamuthi wedibha lento kushaya kunqamule amathumbu.
Izithombe:Gallo Images
Error