Izindaba

Abantu abangu-19 bomndeni owodwa bashone engozini enyantisayo bebuya emshadweni

Kwenzeke usizi ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi kushayisana izimoto zohlobo lweToyota Quantum neloli eNorth West kwashona amalungu angu-19 omndeni. Isigameko senzeke ngabo-9.30 ebusuku ngaseSchweizer-Reneke eNorth West, kanti iRoad Traffic Management Corporation (RTMC) isithumele abaphenyi endaweni yesigameko ukuze bathole imbangela yengozi. USimon Zwane, okhulumela i-RTMC, uthe eminye imininingwane izodalulwa njengoba uphenyo lusaqhubeka.

Kwesinye isigameko, abantu abayisithupha bashone engozini yomgwaqo ebandakanya iveni yokulayisha i-Isuzu neFord Sedan emgwaqeni u-R518 eLephalale esifundeni sase-Waterberg eLimpopo. UMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi udalule ukuthi ingozi yenzeke ngesikhathi umshayeli wemoto ebisuka eLephalale iya eShongwani ehluleka ukuyilawula yashayisana neveni i-Isuzu. Abagibeli abahlanu abebekule sedan, okuhlanganisa nomshayeli, bashonele engozini, kwathi umshayeli weveni ebilayishile naye kuthiwa ushonile endaweni yesigameko.

Abagibeli ababili abaphunyuke belimele kanzima baphuthunyiswe esibhedlela. Okhulumela umnyango, uMike Maringa, udalule ukuthi kuphinde kwaqoshwa izingozi ezintathu ezenzeke esifundeni saseMopani phakathi kukaLwesihlanu noMgqibelo. Esigamekweni sokuqala, umfana oneminyaka eyisikhombisa

ushayiswe yimoto ngaphandle kwamagceke esikole esigodini saseKhashani.

Umshayeli wemoto ethwala abafundi kuthiwa ujike wayongena enganeni ngesikhathi ewela umgwaqo, yashona ujuqu. Kwenye ingozi, owesilisa, 36, ushayiswe yimoto yohlobo lweSuzuki Sedan ngesikhathi ewela umgwaqo eMagoebaskloof endaweni yaseTzaneen ku-R71. Isigameko sesithathu senzeke emgwaqeni u-R36 eMokgolobotho, lapho owesilisa obehamba ngezinyawo eshayiswe yiKia Sedan ngesikhathi ewela umgwaqo.

Edlulisa amazwi enduduzo emindenini ethintekile, uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi eLimpopo uMavhungu Lerule-Ramakhanya unxuse abahamba ngezinyawo ukuthi basebenzise izindawo ezikhethiwe zokuwela futhi bagweme ukuhamba emigwaqweni ephithizelayo, ikakhulukazi kusihlwa.

Ukwanda kwezingozi ezibulala abantu abaningi eNingizimu Afrika kuveza isidingo esiphuthumayo sokuthi kuthathwe izinyathelo zokuphepha emgwaqeni ukuze kunqandwe ukushona kwabantu emigwaqeni yakuleli. I-RTMC kanye nezinye iziphathimandla ezifanele kufanele zisebenzisane ukuze kutholwe izisombululo ezingokoqobo zokubhekana nezimbangela zezingozi zomgwaqo futhi zigwenywe ukuthi zenzeke esikhathini esizayo

 

Error