Izindaba

Ulindwe amacala umculi kaMaskandi olaliswe esibhedlela emva kokushaywa umphakathi

UNGAPHANSI kweso lamaphoyisa esibhedlela umculi kamasikandi uBobo Mfana wePiki osolwa ngokuzama ukuthumba ingane nokuzama ukubulala umphakathi. Lokhu kuvezwe okhulumela amaphoyisa aseGauteng uLieutanent Colonel Mavela Masondo.
Ngokwesitatimende esikhishwe amaphoyisa aseGauteng, sithi lomculi uhlasele isiqashi eyofuna imali yerenti izolo ngeSonto eSwaneville eKagiso njengoba kuthiwa unezindawo eziqashisayo, okuthe uma engayitholi imali yakhe, wase ethatha le ngane yesiqashi eneminyaka emibili ubudala kulona wesifazane wayifaka emotweni wathi uhamba nayo. Athi amaphoyisa lesi siqashi kuthiwa sikhale sabiza umphakathi okuthe uma ufika umphakathi, wase ekhipha isibhamu lomculi wadubula ebhekise emphakathini okuyilapho umthelekele khona.
“Uvikelwe amaphoyisa wahanjiswa esibhedlela esiseduzane, ungaphansi kweso lawo okwamanje ugadiwe” kusho uColonel Masondo.
Amaphoyisa athi amuvulele icala lokuzama ukuthumba nokubulala. Athi alinde alulame bese eyashajwa.
Umthombo:www.ilanganews.co.za
Error