ISAZISO SOKUPHAZAMISEKA KWAMANZI
ISAZISO SOKUPHAZAMISEKA KWAMANZI.
13 October 2024- Lesazizo sazisa umphakathi wase Newcastle East ngokuqhuma kwe payipi lamanzi eDrycut. Lokuqhuma kwe payipi kuphazamisa ukufakelwa kwamanzi eMadadeni.
Sicela umphakathi ubekezele uma ithimba labasebenzi bakwa Masipala bekhona endaweni lapho kuqhume khona ipayipi.
UMasipala wase Newcastle udlulisa ukuxolisa ngokuphazamiseka okukhona ngenxa yokuqhuma kwe payipi. Umsebenzi wokulungisa lomonakalo ungase uthathe ama hora amane kuya kwamahlanu.
Izinkinga eziphathelene namanzi kanye nendle kungabikwa kwi nombolo ethi 0877408839 bese ezagesi zingabikwa ku 034 3121201/1202 ngezikhathi zomsebenzi bese ngale kwezikhathi zomsebenzi zingabikwa ku 079 542 8228. Sicela usilandele kwikhasi lethu lika Facebook ngeminye imininingwane.
Sikhishwe
Umasipala wase Newcastle


