Akasekho emhlabeni uSolly Moholo
                 AKASEKHO EMHLABENI USOLLY MOHOLO
Umndeni womculo wokholo uSolly Moholo usumemeze ezinkundleni zokuxhumana ku-Facebook ukuthi igcine idlulile emhlabani inkakha yezomculo uSolly Moholo.
Ngokombiko kuthiwa udlule emhlabeni ngomhlaka 02 ku Okthoba 2024 esibhedlela. Lenkakha yezomculo yangeniswa esibhedlela ngemuva kokubanjwa ukugula iqeda kwethula icwecwe layo elisha ezweni lase Botswana.
Phambilini umndeni ka Solly Moholo uke wamemezela ukuthi udinga uxhaso lwezimali emphakathini ukuze ubhekane nezindleko zokukhokhela ukuhlinzwa kwakhe uSolly Moholo lapho umndeni wathi kudingeka imali engango R750 000 ukuze ahlinzwe kuhlengwe impilo yakhe.
Umndeni ka Solly Moholo ucele ukuba wodwa kulesikhathi njengoba usahlela ukwenza isikhumbuzo salenkakha yezomculo waphinde wathi uzokwazisa umphakathi ngezinhlelo zesikhumbuzo nomngcwabo kungekudala.



