Zibakhalele abagwazisa abantu abafuna izincwadi zokushayela
Kuboshwe 30 eKZN 14 eMpumalanga abagwazisa ngo R2500 abafuna ama drivers license.
Sesikhuphukele ku 30 isibalo sabasebenzi bakwaTrafic eKZN ababoshwe ngama Hawks ngezinsolo zokugwazisa ngoR2500 abazokwenza ama drivers license.
Bonke laba baboshwe eMelmoth Driving License Centre ngokusho kuka Ngqongqoshe weKZN Transport Department uSbonelo Duma. Uthi bazovela kusasa 18 September eRichards Bay Magistrate Court. Uthe onke ama learner’s licenses akhishwe yilaba kawasasebenzi sebewachithile.
Kusho ukuthi mawune learner’s license oyenze laphaya kayisasebenzi usuzokwenza entsha noma ngabe kawugwazanga. Kusenjalo amaHawks abophe 14 eMpumalanga Province nabo beboshelwa lo mkhonyovu wokugwazisa ngezincwadi zokushayela. Baboshwe eSabie, Graskop, Lydenburg naseVerena. Awu phela eMpumalanga kukubo kwawo lo mkhuba. Sekwaze kwaziwa ukuthi uma umuntu engakwazi nakuhlehlisa imoto noma epake kabi noma eshayele budedengu, kuthiwe oh wazilanda eMpumalanga lo, sihleke lokho njengomakhelwane.


