Kume ukusebenza eHome Affairs wase Hluhluwe ngenxa yamanzi
Kuphazamisekile ukusebenza kwehhovisi elikhulu lakwaHome Affairs eHluhluwe KZN ngenxa yokungabi namanzi. Lo Home Affairs usunamaviki amabili amanzi engekho.
Banomthetho othi uma amanzi engekho kusetshenzwa 3 hours. Lokhu sekube nomthelela omubi, abantu kabasizakali, nabafuna ama passports baye kwamanye amazwe bavalelekile. Imeya yoMkhanyakude District Municipality uSphile Mdaka ithe leli hhovisi lisebenzisa amanzi alo. “Kabasebenzisi amanzi ethu bane borehole yabo ebapha amanzi. Benqaba ukusebenzisa amanzi ethu. Umsebenzi wabo lo noPublic Works. Noma kunjalo siyabanika amanzi sibafakele emathangweni abo.
Ngizwa kuthiwa kufe amapumps abo asusa amanzi emathangweni awase ebhilidini. Ngizongenelela kusasa sivele simbe ipayipi siwafake nqo ebhilidini bese besikhokhela. Nehhotela lagcina lasebenzisa amanzi ethu. IHluhluwe yonke inamanzi.” Kusho imeya uMdaka

Umthombo nezithombe @Ezivuthayo eMaputaland


