Kubulawe owesilisa owabulala abazali phambi kwengane eneminyaka emithathu

Kudutshulwe kwabulawa owesilisa obefunelwa icala lokubulala kulandela ukudubulana namaphoyisa, eCato Manor, eThekwini.
Lo msolwa uyamaniswa nesigameko sangesonto eledlule lapho owesilisa, 39, nowakwakhe, badutshulwa babulawa phambi kwengane yabo eneminyaka emithathu.
Unkosikazi uphuthunyiswe esibhedlela esesimweni esibucayi, ngemuva kokudutshulwa ekhanda.
Umkhondo wamaphoyisa ubaholele lapho umsolwa ayecashe khona eCator Manor.
Imibiko ithi umsolwa uvele wavulela ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni, abe esephindisela.
Kulesi sigameko kuphinde kwadutshulwa iphoyisa elilodwa kodwa lasindiswa yizimpahla zokuzivikela ebelizigqokile.
UGarieth Jameson, okhulumela abezimo eziphuthumayo abafike endaweni yesigameko, uGarieth Jameson, uthe bafike endaweni yesigameko bathola umsolwa eshonile ngemuva kokudutshulwa amahlandla amaningi, kwathi iphoyisa elidutshuliwe laphuthunyiswa esibhedlela.


